Surprise Me!

LLM Mbatha - [Zulu, inkondlo] ngiyakhumbula

2014-11-05 9 Dailymotion

uku gijimisana kwami nawe
phela ngangi sangana ngawe
ngazama ukukubonisa
kodwa awuvumanga
ukungipha ithuba
othandweni lwakho
nokho
angililahlanga ithemba
nganqonqoza emunyango
wenhliziyo yakho
ngathi: qo! qo! qo!
kwanhlanga zimuka nomoya
kodwa ke
kwathi ngalanga limbe
ngolwasehlobo usuku
likhipha umkhovu etsheni
ngahlangana ne ntokazi
eyangivulela enhliziyweni yayo
ngaphandle koku nanaza
yamamatheka
kwaba kuhle!
kodwa manje sewu cabanga
ukuthi wenza iphutha
ngakho
ufuna ukunginika
lolu uthando lwakho
Awu! kungani uThando
lungenza ka njena
lungibeka icala
lokuthanda kabili
ukufuna wena! ?
ukube bengiyi Sazi (sase Mpumalanga)
bengizo buza e Nkanyezini
impela kuthanda ukuba nzima
ukulandela inhliziyo
inhliziyo, ehlukene kabili

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/zulu-inkondlo-ngiyakhumbula/