Akusikhona okwethu mngani wami
Umzuzu nomzuzu siweboleka kuThixo
Konke esiyikho kungokwakhe, kusezandleni
Zakhe ukuthi sisayobuye sibonane yini
Sibobane kuphi kanjani singakanani
Injaloke indlela yesikhathi, nanini singavalelisana
Kungakoke okubhadalwa yithi- sibhadalela amanoni-
empilo: obungani-obuqotho nothando-lweqiniso
Ungangitheli ngezimathonsi eziconsayo
Ungangesabeli ngovalo oluheqezayo
Thatha nanka amaphupho ethu bese
Uthola izizathu zokuqhubekela phambili
Ngoba, noma ngabe yini engavela namuhla
Kodwa, kungokukaThixo okuyovelela thina
LLM Mbatha
http://www.poemhunter.com/poem/kungokukathixo/