Surprise Me!

LLM Mbatha - *Mame (eka Tana)

2014-11-08 23 Dailymotion

Mame ngiyakubonga ngoba wena
Ukhulise insizwa; izinsizwa, nezintombi
Wena uwedwa wawuthwala umboko wesinda
Wawumelela mame ungendlovu
Ngamandla oNgaphezulu
Wawasondelanisa amachophe, ahlangana
Usuku lwabelethana nolunye
Waziqinisa waqinisela
Mame, mukhulu okuqinisayo
Ntombi kaZulu, Sithuli sika Ndaba, Ndabezitha!
Engathi uMdali angakubeka uze udle ezabazukulu-

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/mame-eka-tana/